I-DELIHLAZO IYAKHONYA KWILIGI YEBHOLA LEZINYAWO YAMANTOMBAZANE

I-
UMBIKO: ZETHU PHOSWA
ISIKOLE iDelihlazo Primary School sihlezi esicongweni se-Under 12 Girls Football.
Le Ligi eba minyaka yonke ezikoleni eziyi-14 ezingaphansi kuka Masipala iRay Nkonyeni no-Umuziwabantu, ikwisizini yesine ipheka amantombazane amancane ekudlaleni ibhola lezinyawo oGwini.
Kuthiwa le ligi ingumphumela wokubambisana phakathi koMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko noMnyango weMfundo KwaZulu-Natal.
Lawa maqembu ayi-14 agadulisane ngempelasonto ezinkundleni ze-UGU Sport & Leisure eGamalakhe.
UMnuz Ntsebesha onguthisha oqeqesha iDelihlazo Primary School, uncome umdlalo omuhle lapho iDelihlazo iguqise iConston Primary kumaphenalthi ngo 3-2. Ugcizelela ukubaluleka kwezemidlalo ekukhuleni nasekufundeni kwabafundi.
“Akukho okudlula ukubambisana nokuzwana kwesikole. Lokhu kusisize ukuthi sikwazi ukuqikelela ukuthi abadlali abasaleli emumva ngomsebenzi wabo wesikole, futhi bathola ukuqeqeshwa kulo mdlalo abangaziphilisa ngawo kusasa,” esho.
Abanye abagqamile kulo mdlalo kube uYonela Gumede obe unozinti wosuku no-Andiswa Ntshingila obe umdlali ovelele wosuku.
Le ligi ebonakala ikhula njengoba isiqala ukuheha abaxhasi., njengoba kulo nyaka ibixhaswe Idwala Carbonate, Anthonys Welding, Albany, Tiagos noSasol.
