INKOSI YESEKA UMKHANKASO KA-NTULI KOLWABOKUFIKA

INKOSI Sithembiso Lushaba, ithi iyameseka uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, kwimizamo yakhe yokulwa nobugebengu.

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngesikhathi ethula inkulumo kwimbizo. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
INKOSI Sithembiso Lushaba ichome uphaphe lwegwalagwala uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokuqala umkhankaso obizwa eNgangeni Ngesango Iyafohla, wokugasela ezitolo zabokufika behamba namaphoyisa neminyango wezaseKhaya, kungazelele muntu.
INkosi ikhulume kanje izolo ngesikhathi uNdunankulu uNtuli ebize ukhukhulela ngoqo wembizo yomphakathi, ebihambisana nomkhuleko wokukhulekela ubugebengu nokubulawa kwabantu, eHammarsdale enkundleni yezemidlalo iMpumalanga.
INkosi Lushaba ithi imisebenzi emihle kaNdunankulu ayibuzwa kodwa izikhulumela yona.
Iphinde yaphumela obala yathi iyaweseka lo mkhankaso kaNdunankulu, wokuthi abahambe abokufika abangenawo amaphepha, kusale labo abalapha ngokomthetho. “Makhosi aseNdlunkulu kufanele simeseke uNdunankulu kulomkhankaso, ngoba akazenzeli yena kodwa wenzela ikusasa lezingane zethu. Abantu bokufika sebenze umonakalo omkhulu ezweni nakumnotho wakuleli. Asisukume nathi ezindaweni esiziphethe silwe nobugebengu,” kusho iNkosi Lushaba.
Iphinde yabonga uNdunankulu uNtuli ngemizamo yakhe yokunqanda ubugebengu, nokuqothwa kwabantu eHammarsdale kanjalo nokuhlale esemehlweni abantu elalela izidingo nezingqinamba ezibhekene nemiphakathi eyehlukahlukene. “Ndunankulu siyabonga kakhulu, engathi uNkulunkulu engakugcina futhi akuvikele njalo. Muhle kakhulu umsebenzi owenzayo kodwa nathi malunga omphakathi kufanele sisukume silwe nalesihlava emphakathini, ezikoleni nakuzona zonke izindawo,” kuphetha iNkosi Lushaba.
Lo mcimbi ubuhanjelwe amakhosi, uNgqongqoshe uMfundisi Musa Zondi, iPhini leMeya uKhansela Zandile Myeni, amaphoyisa namalunga omphakathi.
