BAZOVULELWA AMACALA OKUKHWABANISA ABENHLANGANO ENGENZI NZUZO KWAMASHU

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZuku-Natal uNksz Mbali Shinga, uthi bazovulela amacala abebhodi lenhlagano engenzi nzuzo abathinteka ekukhwabaniseni R4.6 miliyoni.
Le nhlangano ebisingethe ukusebenza kwekhaya labadala eliKwaMashu, iKwaMashu Christian Care.
UShinga ukusho lokhu ngesikhathi ehambele kule ndawo, ukuyokwethula imibiko ngemuva kophenyo olunzulu, kulandela ukutholaka kwamanyundululu okusetshenziswa budlabha kwemali.
“Isinqumo esiphume naso ukuthi sihlakaze ibhodi, kodwa abasebenzi nokusebenza ngeke baphazamiseke. Kulezi zinyanga ezimbili kusaqokwa ibhodi elisha, sizoqhubeka nale nhlangano engenzi nzuzo esiyiqokile ukuthi iqhubeke ibambe.
“Siyakuqinisekisa ukuthi abantu abadala abahlala kule ndawo bazoqhubeka banakekelwe ngendlela. Abekho abasebenzi abazolahlekelwa imisebenzi. Ayizokwesulwa le nhlangano, kodwa kuzoqokwa ibhodi elisha, nalo elizobhekwa umnyango ukuthi lisebenza ngendlela yini,” kusho uShinga.
Kuthiwa uNgqongqoshe Shinga ungenelele kulesi sikhungo ngemuva kokuthi kutholakale ukuthi sikweleta imali yamanzi engaphuzulu kwesigidi (million) uMasipala weTheku.
Kuthiwa kulapho umnyango uqale ukwenza uphenyo olunzulu, nokuyilapho uthole amanyundululu amaningi, nokuthi kunemali umnyango obuyifaka kodwa ayibonakali ukuthi yenzeni.
