Uncategorised

AKWAZIWA MBHANTSHI NAKUJIYA NGOLWA-NGIZWE NO-MALEMA

UNGIZWE Mchunu uthi gede indaba yokuxolisa kuMalema. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

ZIMSHUBELE izinto lowo ozibiza ngoMengameli wamabhinca, osanda kuba sematheni engqongqiselwe umuzi wakhe ngomlilo eMbumbulu uNgizwe Mchunu, kulandela ukulahlwa icala lokuhlambalaza uMengameli we-EFF namuhla.

INkantolo ePhakeme ePitoli iyalele uNgizwe ukuthi adlulise icala, noma akhokhele izindleko zecala aphinde axolise kuMalema.

UNgizwe ubebizwe inkantolo ezoyichazela ukuthi kungani izimfuno zabameli bakaMalema kufanele zichithwe.
Uhlulekile ukuchazela inkantolo into ephathekayo, inkantolo yavuna izimfuno zabameli bakaMalema.
Icala liphelile lamudla uNgizwe, ngaphandle uma elidlulisa, uma engalidlulisi nakhu okumele akwenze okufunwa abameli bakaMalema:

  • Kumele enze i-video exolisa, ahoxise amazwi akhe awasho ngoJulius Malema.
  • Le-video bathi kumele ayisendele uKing Zoso ukuthi ayifaka ku-Tiktok, la afaka khona lena eyamqhatha.
  • Kufanele akhokhe izindleko zecala zabameli.
  • Uma eseqedile bese ekhokha u-R1 million ngokungcolisa igama lika-Julius Malema.

Ephawula ngesinqumo senkantolo uNgizwe uthi ukwedelela ukwazi ngaye uMalema, njengoba ehlale ejivaza ethuka abaholi ephalamende nangaphandle kwephalamende. Uqhube wathi umehluko ukuthi yena akadeleli kodwa ukhuluma uqiniso ngakho-ke, ngeke axolise.