
UMDOLOMBA UZINUKE AMAKHWAPHA

UNDLUNKULU weSilo uNomzamo kaMyeni Zulu.ISITHOMBE: SIZOWAKHA okaZulu Foundation
OWAMI THABETHE
BACHITHA eyokungaziphathi kahle kukaNdlunkulu uNomzamo uKaMyeni, weSilo uMisuzulu kaZwelithini, kulandela iziwombe eziningana zokungazihlanganisi nabanye ondlunkulu beSilo nemicimbi yaseNdlunkulu kaZulu.
ISizowakha okaZulu Foundation, ichithe amahlebezi asabalele ezinkundleni zokuxhumana ngoNdlunkulu uKaMyeni, ongumsunguli wayo le nhlangano ekhiphe lesi isitatimende mhla zingama-5 kuMfumfu.Le nhlangano ithe konke okushiwo ngoMdolomba kungamampunge, futhi kuyadukisa, uNdlunkulu uKaMyeni uphila saka, uhleli kahle esigodlweni seSilo eMachobeni eNgwavuma, akanazo nhlobo izinkinga njengoba kusatshalaliswa ngabantu abafuna ukudala isiphithiphithi ebukhosini.
Kuzokhumbuleka ukuthiuMdolomba akabonakalanga ngosuku lwesibili loMkhosi woMhlanga, nangelokuqala wayeyinkomo edla yodwa, ehline ibhadi, naseMkhosini weLembe akabonangwa ngalukhalo nangesukhathi kubhiyozwa usuku lokuzalwa kweNdlulamithi wangekho. Le nhlangano icele abantu ukuthi bayeke ukusabalalisa izindaba ezingaqinisekisiwe ezingadala uqhekeko eNdlunkulu.
“UNdlunkulu kaMyeni ufisa ukuqinisekisa isizwe ukuthi uphilile, unokuthula futhi umoya wakhe muhle,” kusho isitatimende.Le nhlangano iphinde yagcizelela ukuthi uMdolomba uyazihlonipha kakhulu izinhlaka zesintu, futhi akasoze axoxe ngezindaba zomndeni wasebukhosini nabantu bangaphandle, noma azibeke esidlangalaleni ukuze athole udumo.”Amahlebezi asatshalaliswa ngamanga futhi ayadukisa. Lokhu kuwumuzamo omubi wokuhlukanisa iNdlunkulu kaZulu,” kusho isitatimende.
