KUHLEHLE UHAMBO LE-SUNDOWNS NGOKUSHONA KUKA-JAYDEN

UJAYDEN Adams obedlalela iMamelodi Sundowns neBafana Bafana odlule emhlabeni ngoMgqibelo eKapa. ISITHOMBE: SAFA
IMAMELODI Sundowns inqume ukuhlehlisa uhambo lwaphesheya kwezilwandle kulandela ukushona komdlali wayo, uJayden Adams.U-Adams (25) ushonele ekhaya kubo eKapa ngoMgqibelo. Kuvele ukuthi utholakale ezilengisile nakuba amaphoyisa engakakuqinisekisi lokho. Amaphoyisa aseKapa aqale uphenyo ngokushona kwalo mdlali obedlalela iBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba ezosongwa ngempelasonto eMaxico, Canada nase-United States of America (USA).
Ukushona kuka-Adams, owazakhela igama ebholeni laseMzansi egijima kwiStellenbosch FC, kuthinte abantu abaningi emhlabeni. Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFIFA, ikhiphe umyalelo wokuthi kube nomzuzu wokuhlonipha u-Adams ngaphambi kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba edlalwe ngoMgqibelo nangeSonto.UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie namaqembu ahlukene eBetway Premiership, adlulise amazwi enduduzo kwiSundowns, abangani nezihlobo zika-Adams oshiye unina wengane yakhe, indodakazi yakhe nabazali bakhe.U-Adams udlula emhlabeni nje, ubenikwe ikhefu yiSundowns njengoba ekade edlala kwiNdebe yoMhlaba.AmaBrazilians amemezele ukuthi aseluhlehlisile uhambo lwase-Austria lapho ibiyozicijela khona ukuqala kwesizini yeBetway Premiership ka-2026/2027.
Leli qembu alicacisanga ngosuku olusha lokuhamba. Akubuzwa ukuthi lokhu kuzonyomfa izinhlelo zomqeqeshi, uMiguel Cardoso, onengcindezo yokubuyisa isicoco seligi yePremiership abasihlwithwe yi-Orlando Pirates ngesizini and edlule.
i
