BEKUNGAQALI UKUSHONA KOMUNTU NGE-WELE EKHESHINI

UNKK Nontuthuko Matshongo emi eduze kwesithombe sendodakazi yakhe nayo eyakhalakathela emgodini wekheshi yashona.
NOMCEBO NGEMA
BATHI sekuwukhondolo indaba yokukhalakathela kwabantu emgodini wekheshi bashone ebhilidini laseHomii edolobheni eThekwini, njengoba nangonyaka ka-2023 kwadlula emhlabeni u-Andiswa Matshongo (23) kodwa icala lagxotshwa ngezinyawo kuze kube manje.
UNkk Nontuthuko Matshongo ongumana ka-Andiswa uthi uzokweseka umndeni wakwaDlamini ukuze uthole ubulungiswa, nakuba yena engazi ukuthi kwenzakalani kwindodakazi yakhe kuze kube yimanje.
“U-Andiswa wayengumfundi wase- University Of KwaZulu-Natal enza unyaka wakhe wesibili, ehlala kuleli bhilidi laseHomii. Kuthe mhla-16 kuNhlolanja ngonyaka ka-2023 ngathola ucingo ebusuku oluvela emaphoyiseni aseDurban Central, ebuza ukuthi ngabe nginayo yini ingane eseThekwini, ngavuma bathi angiphuthu ngifike njengamanje. Okulandela lapho ngabona umndeni wakithi kwaJili usugcwele indlu kungekho okhulumayo kuqhuma isililo. Icala ngalivula kodwa kuze kube namhlanje aliqhubeki lelo cala,” kusho uNkk Matshongo.
Abafundi abahlala kulawa mabhilidi bathi sebehlalele ovalweni ngoba nathi sizolandela ngoba isimo esiphila naso, sokunganakekelwa kwama, lift.
“Kunezimpimpi eziqashiwe ukusigada ukuthi sikhuluma nobani ngakho siyesaba ukukhathala nani sinitshele ngokwenzeka lana ngaphakathi. Njengamanje simatasa sibheka ezinye izindawo zokuhlala ngoba leli bhilidi aliphephile neze,” kusho abafundi
