UNTULI EKHULUMA NABALWA NOBUGEBENGU NGOKUGCINA IZITHUPHA ZIHLANZEKILE

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ekhuluma namavolontiya alwa nobugebengu emphakathini. ISITHOMBE: KZNOTP
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uyale amavolontiya alwa nobugebengu emphakathini ngokungazibandakanyi nobugebengu, bokushaya izigilamkhuba uma bezibambe oqotsheni zenza ubugebengu.
Usho lokhu izolo ngesikhathi emukela ngokusemthethweni amavolontiya ayi-150, kwaMnqobokazi ngaphansi kukaMasipala iBig5 KwaHlabisa.
UNdunankulu uthi lamavolontiya athole uqeqesho njengoba manje ezotshalwa ezindaweni ezihlukahlukene aqaphe ubugebengu. “Saqhamuka nalelisu lokuthi sisebenze nalaba bafowethu nodadewethu, ukuze basebenzisane namaphoyisa. Nigade ngoba nakunina uqobo mavolontiya kukhona abangenayo bengenela ukuzogada ukuthi ubugebengu nibugade ngakuphi, ukuze batshela izigebengu ezinye abasebenzisana nazo ukuthi nisendaweni ethile. Yingakho kubalulekile ukuthi uma uzongena lapha, uqale emaphoyiseni akuginqise izithupha ukuze kubonakale ukuthi awukaze ubenze yini ubugebengu. Okunye okubalulekile ukuthi nigcine izithupha zenu zimsulwa zingangcolile. Akufanele nilwe nobugebengu ngokuthi nani nenze ubugebengu. Ubugebengu obenziwa izinhlaka zokuphepha komphakathi zibe zithi ziyalungisa, ukushaya abantu. Aninalo ilungelo lokushaya umuntu uma ebanjwe okanye nimbambe oqotsheni enza ubugebengu, kanjalo nephoyisa imbala alinalo ilungelo lokushaya umuntu,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uqhube wathi amavolontiya analo ilungelo lokusibamba isigebengu uma singeyona ingozi, abiza amaphoyisa.
Uthi amaphoyisa awangabi nolaka kubantu abasuke bebambe isigebengu.
