IMIBUZO KUDUTSHULWA KUBULAWA U-DJ WARRAS

U-DJ Warras odutshulwe wabulawa eGoli namhlanje. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
KUSALE imibuzo ngokudutshulwa kubulawe umsakazi, ophinde abe ngumethuli wezinhlelo kumabonakude uWarrick Stock obedume ngelika-DJ Warras, kulandela ukukhipha abokufika emabhilidini eGoli abakuleli ngokungemthetho.emasontweni ambalwa.
Lo DJ kuvele ukuthi udutshulwe enkabeni yedolobha eCarlton Centre, eGoli izolo, ngezinhlamvu eziyi-5, isenzo sakhe sokukhipha abokufika sakhombisa isibindi, kangangokuthi abantu abaningi bakuqagula ukufa kwakhe, njengoba bebebhale bethi RIP, ngemuva kwesenzo sakhe.
UDj Warras ubenenkampani yonogada ebigada amabhilidi ibuye ikhiphe abantu abahleli kuwona ngokungemthetho, kuthiwa abematasa ewakhuculula amabhilidi ahlala abokufika ngokungemthetho kuleli.
Kuvele ukuthi ngesikhathi kugasela amadoda angaziwa ubenza umsebenzi wakhe, afike adubula yena, abe esecela empunzini.
Udadewabo uNicole Stock uthi basashaqekile ngokudlula emhlabeni kukamfowabo.
“umfowethu ubeyiqhawe ebelikhuluma izinto abaningi abasabayo ukukhuluma ngazo. Ngicela izithombe zikaWarrio ngesikhathi elele phansi zingasatshalaliswa ngoba lokho kuzolimaza izingane zakhe ezisencane, ”esho.
