Uncategorised

IYAVELA IMEYA ENKANTOLO NGECALA ELIVULELWE ABOKUFIKA

IMEYA uCllr Mduduzi MyezayakuMasipala Inkosi Langalibalele, ivela enkantolo namuhla. ISITHOMBE: INKOSI LANGALIBALELE MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

IYAVELA namuhla eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu iMeya kaMasipala Inkosi Langalibalele, uCllr Mduduzi Myeza noKaputeni waMaphoyisa eMtshezi, kulandela ukuvulelwa kwabo icala inhlangano iKopanang Africa Against Xenophobia ihlangene nabokufika kuleli.

IMeya uCllr Myeza ivulelwe icala kulandela umnqamulajuqu eyawukhipha ngaphamsi kukaMasipala ewuholayo, othi bonke abokufika abakuleli ngokungemthetho bavale amabhizinisi abo bahambe zingakapheli izinsuku ezingama-21.

“Asinalo uvalo ngaleli cala ngoba siyawuhlonipha umthetho futhi sinethemba elikhulu kwizinkantolo zakuleli. Uma inkantolo ivune abokufika lokho kusho ukuthi izisebenzi zikamasipala zizovinjelwa ukuya kulezi zitolo, kuzoba nzima ukwenza umsebenzi wokuhlola nokulawula ukukhokhwa kwezinsiza ezifana nogesi kanye namanzi. Abanikazi bezitolo sebebanjwe izikhawu eziningi abasebenzi bakaMasipala bethengisa ukudla okubolile. Uma ngempela inkantolo ivune abokufika kuthiwe abasebenzi abangasondeli lokho kungasho ukuthi sebezodayisa udede izinto ezingalungile emphakathini,” kuphetha iMeya uMyeza.

Izinsuku ezingama-21 zomnqamulajuqu ezabekwa iMeya ziyaphela namuhla.