UGILE EZIBUKWAYO UBONANG NGENGQEPHU E-SAIGON

IMISWENKO ebigqokwe uBonang eshiye abaningi bebambe ongezansi. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
USHIYE abaningi bemamatheka bebambe ongezansi ngenxa yobuhle, ubukhazikhazi nokukhazimula abeyikho uBonang Matheba, ngesikhathi ethula bukhoma umcimbi omkhulu wonobuhle owaziwa ngoMiss Cosmo Grand Finale, obuseCreative Park eHo Chi Minh City, ngoMgqibelo .
Le ndumezulu yomcimbi ibisakazwa bukhoma futhi ibukwa izigidi zabantu emhlabeni wonke jikelele.
Ingqephu kaBonang ebidla ubhedu, yenziwe uBiji La Maison, uBukola noSheyeoladejo, iyona ethathe amehlo abaningi njengoba ebelokhu eshintsha egqoka imisiko yabo ebiseqophelweni eliphezulu.
Ngesikhathi ebuzwa ngendlela azizwa ngayo uBonang uthe lokhu kufeze iphupho lakhe le minyaka. “Ukuba umethuli walo mcimbi omkhulu kangaka, kufezeke iphupho lami leminyaka. Ukubonakala kwami umhlaba wonke nomsebenzi engiwenzayo lokho kusho lukhulu kimina. Ubumnandi nemfudumalo engiyinikwe abantu baseHo Chi Minh City angeke ngibulibale. Lo nyaka ungikhombisile ukuthi umhlaba wonke uyalibona ithalente eliseNingizimu Afrika,” kusho uBonang.

