ISILILO KUDLULA EMHLABENI INKAKHA YOMLINGISI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
IFU elimnyama endimeni kaqedisizungu, kulandela ukudlula emhlabeni kwenkakha engumlingisi uDon Mlangeni-Nawa.
UDon ushone namuhla ekuseni, eneminyaka eyi-65 ubudala. Esitatimendeni esithunyelwe umndeni sithe: “Kusiphatha kabi ukuthi namhlanje sinibikela ukuthi ubaba wethu, ebesimthanda kakhulu usedlulile emhlabeni. Ubeyikho konke emndenini, engubaba omnene, ewubhuti futhi ewumngani. Kubantu abangaphandle kwekhaya ubengumlingisi onekhono eliyisimanga nojabulise izinkulungwane zabantu kumabonwakude nasesiteji.” Umndeni wethembise ukumemezela iminingwane yenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo ngokuhamba kwesikhathi.
UMlangeni-Nawa uzakhele ugazi nodumo kwabaningi ngezindawo ayezidlala. Abaningi bazomkhumbula enguLaqhasha, indoda eyayihleli ihamba nomphini wepiki, iyiphela endlebeni kuS’dumo kuSgud Snaysi. Wadlala kuHlala Kwabafileyo enguZakhe Mhlongo owayeshade noDapheny Hlomuka (ongasekho emhlabeni) owayedlala indawo kaJessie uMaMkhize. Abanye bazomkhumbula futhi enguZebedee Matabane ku-Isidingo, nangesikhathi enguDavid ku-Ubambo Lwami. Uke wabonakala nasemidlalweni efana neThe Throne, The Estate, Legacy kanti ugcine ukubonakala kwiPound for Pound.
