I-EFF IFUNA IPHALAMENDE LIPHIKISE ISICELO SIKA-RAMAPHOSA NGOLWE-PHALA PHALA

UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ofake isicelo sokuthi inkantolo ibuyekeze iphinde ichithe umbiko wephaneli ezimele ngodaba lwe-Phala Phala. ISITHOMBE: FACEBOOK
IQEMBU le- Economic Freedom Fighters (EFF) lifuna uSomlomo wePhalamende uThoko Didiza, aphikise ngokusemthethweni isicelo sikaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ngodaba lwePhala Phala.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMengameli efake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoLwesibili, efuna kubuyekezwe kuphinde kuchithwe umbiko wephaneli ezimele eyayiphenya udaba lwePhala Phala.
Le phaneli yayithole ukuthi kunobufakazi obukhombisa ukuthi uMengameli kungenzeka waphula umthethosisekelo, ngesikhathi kutholakala imali engaphezu kuka-$500 000 ngaphansi kukasofa epulazini lakhe iPhala Phala, eseLimpopo.
“Sifuna uSomlomo abize ngokushesha abaholi bamaqembu ezepolitiki, ukuze basho imibono yabo mayelana nokuphikisa lesi sicelo sikaMengameli asenze enkantolo. IPhalamende kufanele livikele umsebenzi walo futhi lingavumeli ukuthi inqubo yokubekwa icala likaMengameli ibambezeleke ngenxa yezicelo zasenkantolo,” kuphetha i-EFF kwisitatimende.
