Uncategorised

UMAMKHIZE USEKWELINYE IQEMBU LEBHOLA FUTHI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

INGABE uShauwn ‘MaMkhize’ Mkhize usezoba umnikazi welinye iqembu lebhola,kulandela ukubonakala edlubhe ezelinye iqembu lebhola.
UMaMkhize ubonakale ehambele i-Engwenyama Cup eSwatini lapho bekudlala iRoyal Leopards neMoneni Pirates, eSomhlolo Stadium ngempelasonto. Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu lakhe iRoyal AM, lisanda kuxoshwa yiPremier Soccer League kulandela ukukhungathwa izinkinga zemali ne-SA Revenue Services, njengoba ekweleta imali elinganiselwa kuR40 million.
Ubeyisimenywa sePirates kanti ufike enkundleni ehamba nendodana u-Andile,umalokazana wakwakhe uTamia noRichard Makhoba obeyiGeneral Manager yeRoyal AM. Batheleke begqoke amajezi ePirates. Ebuzwa ngabezindaba baseSwatini ngokubonakala kwakhe kulo mqhudelwano, akafunanga ukwanda kakhulu wathi uzoyeseka. UMakhoba yena uthe abantu abalindele izindaba ezizobathokozisa ngoMaMkhize.