Uncategorised

UNSELE UKHALE NGOMGOLO NEMPAKAMO KOWE-GCWALISA

UKWAZI Nsele uSonkondlo obengumphathi wohlelo.

ZETHU PHOSWA

UKHALE ngomgolo, impakamo nokuzenza abanye (copycat) kumaciko okuyilona okwenza bangaphumeleli.
UKwazi Nsele Wodumo lwezinkondlo ezilingiswayo ukusho lokhu ngesikhathi engumphathi wohlelo kulo mcimbi wokwethula ngokusemthethweni iGcwalisa Spring Picnic obuse Hilton Hotel, eThekwini.
“Inkinga amaciko ukuthi afuna wonke ukwenza into noma bengenalo ithalente ngoba ebona omunye. Kunabantu abadalelwe ukucula hhayi ukumaketha umculo noma ukushaya isigingci. Abanye bafuna ukuzimela kanti basashoda ngolwazi lokuzimaketha, amalungelo abo umculo wabo nokuthi agcina bexhaphazeka ngoba beshodwa ngolwazi kufanele bazenze. Kuningi okungafundwa abaculi kuKhuzani,” kusho uNsele .
Uthi abaculi abesekane bamyeke ukumonezelana.
“Asivumeni ukuthi umuntu nomuntu unesiphiwo sakhe ongathi uma usihlanganisa esomunye kuphumela ulozolo. Umshayi wesigingci sikaKhuba ukube wangenza kuKhuzani waphuma wajaha ukuzimela ngoba ecabanga ukuthi angakwazi ukwenza kwenziwa uKhuzani, ngabe akalutholanga lokuhlukanisa unyaka okungaba ngesigingci sakhe,”esho.
Uthi abantu ablbayeke ukufosa udumo ngoba udumo luna bantu balo lufana nesiphiwo.
“Udumo liyisiphiwo ungabhala izingoma ezimnandi kodwa zingadumi, konke okuhambisana ngesikhathi. Udumo luka Khuzani ngeke kube lwakho. Njengoba Ingoma kaMafikizolo ofike kwezwakala ungabi unomona ufise kube ngeyakho kodwa mshayele ihlombe ungammonazele naye uyokushsyela uma sekungawe, “ esho.
Uncome indima eklanywe uKhuzani ukuthuthukisa abaculi bakaMaskandi nokuthi akwazi ukuthola abalandeli ezinkundleni zokuxhumana ngomcimbi ohlelwa Ndlamlenze Development Foundation, ogqugwuzele abaculi ukuthi. Bavulele Facebook futhi babe nabalandeli abayimiliyoni.