Uncategorised

KUQOPHEKE UMLANDO UNTULI EQOKA U-LUNGI M UKUPHATHA ABEFUNDISI

UMBIKO: AKHONA DLAMINI

UNDUNANKULU KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, useqoke uMphostoli uLungi M Magwaza, ukuthi aqhoqhobale isikhundla njengomfundisi wakulesi sifundazwe.
UNdunankulu uNtuli lokhu kuqokwa okuyingqophamlando, ukuthathe njengesinyathelo esibalulekile ekuqiniseni ubuholi bomoya nokugqugquzela ukuvuselelwa kwezimilo esifundazweni sonke.
Uthi uMphostoli Lungi M uzoklama indima enkulu, ekukhuthazeni ubumbano nezimiso zokuziphatha emiphakathini.
“Lokhu kuqokwa kubalulekile kuchaza isahluko esisha ekuqiniseni ubuholi bukamoya. Kuzovuselela izimilo esifundazweni sethu,”kusho uNtuli. “Siyethemba ukuthi ubuhlakani, ukuzinikela nezimiso zikaMphostoli Lungi M kuzoba nomthelela omuhle emiphakathini yethu futhi kube neqhaza ekwenzeni iKwaZulu-Natal enobumbano nozwelo.”
Ukuqokwa kuka-Apostle Magwaza kwesekwe kakhulu, futhi kulindeleke ukuthi alethe ubuholi obunoguquko kwezomoya esifundazweni esikhundleni sakhe esisha.