Uncategorised

I-MKP IFAKE ISICELO KUMKHWANAZI NGE-PKTT EMZIMKHULU

UNOBHALA jikelele we-MKP uSibonelo Nomvalo nesicelo se-PKTT eMzimkhulu.

INCWADI ebhalwe uNomvalo ecela i-NIU noma i-PKTT eMzimkhulu. ISITHOMBE: SIBONELO NOMVALO

NOMCEBO NGEMA

UNOBHALA weqembu lepolitiki Umkhonto Wesizwe Party (MKP) kuzwelonke, uSibonelo Nomvalo ubhalele uKhomishana waMaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi noGeneral Dumsani Khumalo ecela ukuthi bathumele ithimba leNIU noma iPolitical Killings Task Team (PKTT) eMzimkhulu, njengoba selusemome ukhetho lohulumeni basekhaya.

UNomvalo uthi lesi sicelo siza ngemuva kokuthi amalunga, nezishoshovu zeMKP kule ndawo kubikwa ukuthi zibhekene nezinsongo zodlame nezokubulawa. “Lezi zinsongo ziyakhathaza kakhulu futhi zingaphazamisa umsebenzi wezepolitiki nenkululeko yokuzibandakanya kwezepolitiki emphakathini. Ukuba khona kwe-PKTT kuzosebenze njengendlela yokuvimbela ubugebengu, nokwesabisa labo abasabisa amalungu eqembu le-MKP,” kusho uNomvalo.

Uqhube wathi iMKP ifuna ukuqinisekisa ukuthi ukhetho lwenzeka endaweni ephephile, lapho wonke umuntu ezokwazi ukuveza iqembu lakhe ngokukhululeka ngaphandle kokwesaba udlame noma ukuhlaselwa.