Uncategorised

LUGUJWE NGEGIYA ELIPHEZULU USUKU LOMSAKAZO E-KZN

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ngesikhathi ethula inkulumo ngosuku lomgubho lomsakazo.

AMACIKO aKwaZulu-Natal enza izinto ezihlukahlukene ethamele lo mgubho. IZITHOMBE: SPHA MBHELE

NOMCEBO NGEMA

LUGUJWE ngezinga eliphezulu usuku lo msakazo, olugujwa umhlaba wonke njalo ngalolu suku, njengoba kusuke kuqhakanjiswa ubuhle kanye namandla omsakazo.
UMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal, oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula ugubhe lolu suku namhlanje eKZN Music House, eThekwini.

Ethula inkulumo uNgqongqoshe uthi ngalolu suku baqhakambisa ubuhlakani, nomsebenzi omkhulu owawenzeka emandulo futhi namanje osenzeka, okungukusabalalisa ulwazi luhamba emoyeni ngenxa yomsakazo. “Baningi abantu abakwimikhakha ehlukahlukene yempilo abakhiqizwe ilendima yokusakaza. Njengoba sekukhona ubuchwepheshe besimanje okuyi- artificial intelligence (AI) obenza ukuthi ukusabalala kolwazi kube lula. Lolu shintsho lukhona kodwa alikususi ukubaluleka kwezwi lomuntu okhuluma ngemumva kombhobho emsakazweni, lokhu akukhulumayo kuzwakale usemotweni, uhlezi ekhaya phansi kwesihlahla okanye ulima emasimini. Lawo ngamandla ezwi lomuntu osakazayo futhi okungasoze kwenza ukusakaza komuntu kuhlulwe inoma iluphi uhlobo lwethuluzi olukhona lokusakaza,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.