UMUNYU KWISALUKAZI SINIKWA INDLU KANOKUSHO

UMACEKECEKE wendlu kagogo Mbatha ayakhelwe i-IFP.

UGOGO Mbatha emukela indlu yakhe yakanokusho ngoMgqibelo. IZITHOMBE: KZNIFP
NOMCEBO NGEMA
KUBE injabulo ehambisana nomunyu kugogo Mbatha waku-ward 7, kuMasipala iNkosi Langalibalele, ngesikhathi enikwa ngokusemthethweni indlu yakanokusho ayakhelwe iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) ngoMgqibelo.
Lendlu ivulwe ngokusemthethweni isigungu esiphezulu se-IFP, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ophinde abe uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal noNobhala we-IFPYB uCllr Mduduzi “Sobholenyoni” Myeza, ophinde abe iMeya kaMasipala iNkosi Langalibalele.
Lendlu kagogo Mbatha inamagumbi amabili okulala, ikhishi elivulekile (open plan), idinning room nendlu yangasese neyokugeza, ifakwe yonke impahla yasendlini, ukuze ugogo akwazi ukungena ahlale ngokunethezeka kusukela ngosuku ivulwe ngokusemthethweni.
IMeya uMyeza ithi bazoqhubeka nezinhlelo ezithuthukisa impilo yabantu, ikakhulukazi abadala, abampofu nabakhubazekile.
Uthi injabulo ebonakale ngesikhathi bevula leli khaya iyabakhuthaza ukuthi baqhubeke nokwakha imiphakathi engcono.
UGogo Mbatha uthi wayengakaze acabange ukuthi uzophinde abe nekhaya elihle, elifudumele nelihloniphekile.
Ubonge bonke ababambe iqhaza ukuze kwakhiwe lendlu, uthi lendlu imbuyisela ithemba nesithunzi.
