BASALE ENKUNDLENI ABASOLWA ABAYI-4 ELINDELANI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
BASALE enkundleni abasolwa abayi-4, bedubulana namaphoyisa eLindelani, eThekwini.
Kuthiwa amaphoyisa alandele umkhondo ngemuva kokulunywa indlebe ngalaba basolwa, ebebehamba ngemoto, bebesolwa ngokuthi bakhanda uzungu lokuphanga isitolo KwaMashu
Kuvele kuthi babe sebepaka eceleni komgwaqo izimoto zabo ezimbili, obekubonakala ukuthi banempikiswani phakathi, okugcine kuholele ekutheni badubulane bodwa.
Kuthiwa kube sekuqhamuka, abasolwa abazange besebabuza, bavulela izulu lezandla, bebhekise emaphoyiseni, nawo okube esephendula.
Okhulumela amaphoyisa uCol Robert Netshiunda usiqinisiekisile lesi sigameko.
Uthe abasolwa abane basale enkundleni, kwatholakala nesidumbu esinanxeba okudutshulwa.
Uveze ukuthi kulokhu kudubulana, amaphiyisa awatholanga myocu, kutholakale izibhamu ezintathu esigamekweni.
Uthi abasolwa abalimalile ngesikhathi bedubulana, baphuthunyiswe esibhedlela.