KUZOHLONISHWA UMNTWANA USHENGE

ZETHU PHOSWA
KUZOHLONISHWA lowo owayengumengameli we-Inkatha Freedom Party uDkt uMntwana Mangosuthu Buthelezi, ngokuthi iliba lakhe liphendulwe isizinda esizonikwa isithunzi nezinga lezingqalabutho.
Lo mcimbi ozokwenziwa mhla ziyi-27 kuNcwaba Olundi, okuzoba wuphawu lokumhlonipha njengomunye owenze umlando, ongasoze wacisha.
UNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uthe bazomhlonipha njengengqalabutho eyaqopha umlando omuhle kakhulu.
“UDkt Mangosuthu Buthelezi uzohlonishws ngaphansi kwezingqabutho ezenze kahle, zaqopha umlando ongasoze wacisha. Nakuba uDkt Shenge esakhothama kodwa imisebenzi yakhe isaphila kuthina nezingqalazizinda azakha zisakhiqiza okuhle,” kubeka uNdunankulu uNtuli.
