IMEYA YASE-NDUMENI ITHI NGEKE ZIVULWE IZITOLO ZABOKUFIKA

UPHAKELUMTHAKATHI Ndabandaba neMeya uCllr Mcebo Mkhize ephakamisela phezulu ifulegi lakuleli.

IBUTHO ebeliqhamuka nkalo zonke eDundee liyingxenye yemashi. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala waseNdumeni uCllr Mcebo Mkhize ushaya phansi ngonyawo, uthi angeke zivulwe izitolo zabokufika kuze kuba baveza izincwadi ezisemthethweni ezibagunyaza ukuthi babe namabhizinisi kuleli.
IMeya isho lokhu izolo ngesikhathi iyingxenye yemashi enokuthula yokunxenxa abokufika kuleli ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo, le mashi ibiseDundee ihanjelwe isishoshovu uPhakelumthakathi Ndabandaba.
IMeya uMkhize ithi lo mkhankaso ihlose ukuqinisekisa ukuthi wonke Amabhizinisi asebenza ngokusemthethweni futhi ayahambisana nemithetho, nemigomo kaMasipala.
“Le mashi isize kakhulu ngoba kuhlolwe ukuthi abanikazi ezitolo, ukuthi banazo yini izimvumo ezisemthethweni zokuba namabhizinisi. Zizohlolwa zonke izitolo, uma kutholakala ukuthi amaphepha awekho, lezo izitolo angeke zivunyelwe ukuthi zisebenze. Malunga omphakathi ngiyanicela ukuthi nisebenzisane nohulumeni wasekhaya ukuze kuqinisekiswe ukuthotshelwa komthetho, kugwenywe ukungqubuzana nokuphazamiseka kwemisebenzi yentuthuko,” kusho iMeya uMkhize.
IMeya iphinde yazwakalisa ukukhathazeka kwayo ngenkampani yonogada okuthiwa ivikela abokufika.
