KUTHELWE NGEQOMA UPITSO KWESOKUQEQESHA IBAFANA

UMCKENZIE uthwele ngeqoma uPitso Mosimane, ekutheni kube nguye umqeqeshi weBafana Bafana. ISITHOMBE: FACEBOOK
MALIBONGWE MAZIBUKO
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uGayton McKenzie, ufuna sinikwe uPitso Mosimane isikhundla sokuqeqesha iBafana Bafana.IBafana ikhishwe kwi-Last 32 kwiNdebe yoMhlaba eqhubekayo eMexico, Canada nase-United States of America (USA). Ukuphela kwendlela yayo kulo mqhudelwano, kuhambisane nokuphela kwenkontileka yomqeqeshi, uHugo Broos. Ngaphambi kweNdebe yoMhlaba, uBroos wathi uzothatha umhlalaphansi ngemuva kwayo kwazise usefuna ukuyophumula ekhaya eBelgium.
Nokho emasontweni adlule uveze ukuthi engathanda ukuqhubeka nokusebenza kwiSouth African Football Association (Safa), esikhundleni esingeke sidinge ukuthi ahlale eNingizimu Afrika. Kuvele ukuthi lo mqeqeshi usafuna ukuyiqeqesha iBafana nakuba esazobonisana nomkakhe.Ngesikhathi kufika iBafana esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ngoLwesine, uMcKenzie uthe akamboni omunye umqeqeshi okumele ahole leli qembu lesizwe ngaphandle kukaMosimane.
“Uma uBroos eqoka ukuhamba, akumele sicucuze. Ngizokweseka igama elilodwa kuphela. Uma uBroos ehamba, iyodwa indoda efanelwe wumsebenzi, nguPitso Mosimane. Umsebenzi kumele unikezwe uPitso uma uBroos engahlali,”kusho uMcKenzie.“ISafa ithi izohlunga kubaqeqeshi abafake izicelo kodwa uyedwa umqeqeshi okufanele ahole iBafana, nguPitso Mosimane. Sidinga umuntu obaqondayo abafana bethu. Yini enye okufanele uPitso ayenze? Siyabona manje iFrance iholwa nguDidier Deschamps, idlala ibhola layo. Abadlali bethu basebancane, sizovumbulula inqwaba yabadlali. UPitso Mosimane uzoyisa phambili iBafana.”
ISafa kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi omusha weBafana emasontweni azayo kwazise ngoSepthemba kumele iqale imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon). I-Afcon izodlalwa ngonyaka ozayo ngoJuni eKenya, Uganda naseTanzania.
