Izindaba

UBUKHOSINI UJABULELE UKUHLOMULA KOMPHAKATHI

USEKELA Ngqongqoshe wezaMahlathi, ezokuDoba neMvelo uNarend Singh, umnyango wabo obeyingxenye yokulekelela lolu hlelo. IZITHOMBE: ZETHU PHOSWA

AKHONA DLAMINI

ISIKHULU esiphezulu seSimangaliso Wetland Park, uSbusiso Bukhosini, ithe kuyamjabulisa ukuthi umphakathi sewuzohlomula ngaphansi kweSmangaliso Wetland Park.

Lokhu ukusho emcimbini wokwethulwa kwenkontileka yokuhlanza ukhula nesidaka eSt Lucia Estuary mhla ziyi-12 kuMfumfu, lapho kuphinde kwanikelwa ngemishini yokuhlanza umlomo womfula futhi kwanikelelwa ngesikebhe.UBukhosini uthe lolu hlelo luhlose ukuthuthukisa isimo semvelo sakule ndawo, luphinde luvulele umphakathi amathuba omsebenzi nokuzithuthukisa ngokubamba iqhaza ekunakekelweni kwemvelo.

“Ngemuva kokuthi umphakathi ube nezikhalazo eziningi zokuthi akulungiswe le ndawo, njengoba amanzi ebengasadluli ngendlela. Siye saqala uhlelo lokulungisa lo monakalo njengoba kuzodingeka sibe nemishini yekhethelo. Kuzodingeke izandla zabantu abazosebenza, okuyilapho umphakathi ozongena khona,” esho.

UBukhosini uqhube wathi kuzoqalwa ngokushiswa, kunqunywe izihlahla kuphinde kukhishwe udaka.USekela Ngqongqoshe wezaMahlathi, ezokuDoba neMvelo uNarend Singh uthe nengalo mnyango bakujabulela kakukhulu ukuthuthukiswa kwenhlalo yomphakathi nokuba yingxenye yalolu hlelo.