Uncategorised

KONKE SEKUMI NGOMUMO KOWE-INKKASI XPERIENCE

UMnu Philani Ngwenya weKASI Lami okuyinkampani ehlela i-INKKASI XPERIENCE

ZETHU PHOSWA

KONKE sekumi ngomumo ngomcimbi oseqophelweni eliphezulu i-INKKASI XPERIENCE, ezokuba ngomhlaka 25 kuZibandlela ePrincess Magogo Stadium KwaMashu.
Lo mcimbi ongowe-11 ozokuba ubophele abaculi abaphezulu, kanti ababavalelanga abaculi abaqhamuka kuleli lokishi okubalwa kubona oZakwe, Duncan , Dankie Boy nabanye kanye nabadayisi, baphinde bavula amathuba emisebenzi kwintsha yakuleli lokishi.
UPhilani Ngwenya ongumsunguli wankampani eyenza lo mcimbi, ophinde wakhulela kuleli lokishi, uthi inhloso ukuthuthukisa ilokishi langakubo, ukulibeka kwibalazwe, ngokuhle okiwenziwa kulo.
“Lo mcimbi usuneminyaka eyi-11 waqala, inhloso yawo ukuthuthukisa leli lokishi, ukuveza ubuhle be lokishi nokutshalwa emphakathini ngenhloso yokwenza umehluko, “ esho.
Uthi ngonyaka owedlule babe nenselelo ekungeneni kwabantu emcimbini, kodwa lokho bakulungisile konke kuzohamba ngohlelo.
“Siyajabula kakhulu ukusho ukuthi konke sekumi ngomumo ngomcimbi. Thina ke siyafunda emaphutheni ethu, siyazi ukuthi ngonyaka owedlula kwabanenkinga yokungena kwabantu kodwa sesiyilungisile, umcimbi uzobe useqophelweni eliphezulu, nezokuphepha ziqinisiwe. Lo mcimbi usezingengeni eliphezulu kakhulu futhi liheha abantu ngisho a base-Afrika,” kusho uNgwenya.
Abaculi abazokube bekhona kubalwa uDJ Maphorisa, uKabza De Small, DJ Sox, Tira , Babes Wodumo nabanye