Uncategorised

KUVULELWA IPROJEKTHI YAMANZI EMPANGENI

UMNUZ Philani Sibiya, inkampani iSouth32, usonkontileka bevula ngokusemthethweni iprojekthi yamanzi.

IPROJEKTHI yamanzi ebinikelwa ngokusemthethweni emphakathini waseMbhongampisi. IZITHOMBE: KING CETSHWAYO DISTRICT

NOMCEBO NGEMA

UMNUZ Philani Sibiya ongu-Municipality Manager kuMkhandlu iKing Cetshwayo, uyale abesilisa ababili abazohlomula ngomsebenzi wokuvala, nokuvula amanzi ukuthi bangasheli futhi bangaqonywa ngeprojekthi yamanzi. Usho lokhu namuhla ngesikhathi lo Mkhandlu uvula ngokusemthethweni iprojekthi yamanzi ezophakela imizi engama-51, ngaphansi kukaMasipala wasekhaya uMfolozi ku-ward 4 eMbhongampisi.

UMnuz Sibiya uthi bangapolitiki ngamanzi kodwa banikeze abantu amanzi ngokufana. “Siyajabula ukuthi namuhla sizokwethula umsebenzi obaluleke kakhulu futhi ozoshintsha izimpilo zabantu kuMasipala iMfolozi. Le projekthi idle imali engango-R5.9 million, njengoba kusetshenziswe ithangi elikhulu kwahlomula imizi engama-51. Amapayipi amanzi ahamba ibanga elingu-15 km. Le ndawo inejeneretha ezokwazi ukulekelela uma kunenkinga kagesi ukuze umphakathi uqhubeke nokuthola amanzi. Siyabonga kakhulu kumalunga omphakathi ngokusibekezelela njengoba lo msebenzi usuphothuliwe namuhla. Ngibonga kakhulu kubuholi bukaMeya weSifunda iKing Cetshwayo uCllr Sikhumbuzo Dlamini, usonkontileka, ithimba lakwa-Technical Services kanye nenkampani iSouth32, okuyibona abasinikelele ngalemali eyi-R5.9 million, ngaphandle kwabo lo msebenzi ubungeke wenzeke,” kusho uMnuz Sibiya.

Uphinde wanxusa le nkampani ukuthi iqhubeke njalo ibasize, waphinde wanxenxa nabanye osomabhizinisi kanye nezimboni ezinkulu ukuthi nazo zisondele zilule isandla, ngoba bona benguhulumeni angeke bakwazi ukuwuthwala bodwa lo msebenzi.