UMEYER UFUNA UKWAZI NGOKUBAMBEZELEKA KOKUQEDWA KWESIKOLE E-WATERLOO

UNGQONGQOSHE uMnuz Martin Meyer ngesikhathi evakashele iSibonginhlanhla Primary School eWaterloo. ISITHOMBE: KZNDPWI
NOMCEBO NGEMA
KUNXUSWA osonkontileka ukuthi baphumela obala, ngezingqinamba abazoba nazo ezizodala ukuthi umsebenzi abawunikiwe ungapheli ngesikhathi, okusuke kuvunyelwene ngaso. Lesi sicelo senziwe uNgqongqoshe woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer izolo, ngesikhathi eyohlola ukwakhiwa kwesikole iSibonginhlanhla Primary School eWaterloo, eVerulam esidle imali engango-R73 million.
Lesi sikole saqala ukwakhiwa mhla zingama-21 kuMandulo ngonyaka ka-2023, sakhiwa iKhulakwande Construction CC, bekulindeleke ukuthi siqedwe mhla zingama-21 kulenyanga (Ncwaba), kodwa lokho angeke kusenzeka. UNgqongqoshe uMnuz Meyer uthe kuyashaqisa lokhu akubone kulesi sikole, angeke avumele ukuthi izingane zifunde endaweni engagculisi njengoba zakhishwa kulesi sikole, zabekwa eSibonginhlanhla High School ebude buduze kumagumbi esikhashana.
Uthe lokhu angeke akuvume ukuthi kwenzeke kulesi sifundazwe. “Kuyangijabulisa ukuthi kukhona igxathu eselithathiwe njengoba ngizoba nomhlangano nosonkontileka, ukuze bezochaza ukuthi yini evimbe ukuthi lo msebenzi uqedwe. Yize singakafiki lapho esifisa ukuba khona kodwa kancane, kancane sizofika. Lesi sikole bekufanele siqedwe mhla zingama-21 kulenyanga ebese sivulwa ngokusemthethweni kodwa lokho angeke kusenzeka. ISibonginhlanhla Primary School isizoqedwa ngonyaka ozayo ngoNhlangulana (June 2027). Ngiyaxolisa kakhulu kothisha, abazali, umphakathi nakubafundi uqobo ngalokhu okwenzekayo,” kusho uNgqongqoshe uMnuz Meyer. Uqhube wathi lo mnyango ubuxhumana nosonkontileka umxwayisa ngesikhathi esesihambile kodwa umsebenzi ungaphelile.
