Uncategorised

BASABHONGA EMSWANENI NGOWEMFASHINI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

KUTHINTEKE abaningi kudlula emhlabeni umsiki wengqephu uVanya Mangaliso owaduma ngokufaka eshashalazini lomhlaba isitayela i-Afrochic Heritage couture eyayaziwa nge-Sun Goddess.
Lezi zindaba ziqinisekiswe umndeni wakhe njengoba ukhiphe isitatimende.
Kuvela ukuthi uVanya ushone ngomhlaka 26 Juni eneminyaka engama-56.
Kuzokhumbuleka ukuthi izingubo zakhe bezidlisa ngokuba nobuXhosa, zithandwa abathanda ukuhambela imicimbi ephezulu. “Ngamagalelo akhe kwimfashini yaseNingizimu Afrika, wawina izindondo ezingaphezu kuma-50,” kusho umndeni.

Abathandi befeshini abaningi banikele kwizinkundla zokuxhumana ukuzwakalisa ukulahlekelwa kwalemboni yengqephu njengoba ubethathwa njengomuntu owaba namagalelo amakhulu ekwenzeni abantu babone izingubo zesintu njengezezinga eliphezulu lomswenko