Uncategorised

ISIDUMBU SIKA-NKONYANE SITHOLAKALE SINEGAZI EKHANDA

SITHOLAKALE sinegazi ekhanda isidumbu sikaMengameli uNkonyane ekade simbiwa namuhla. ISITHOMBE: 1KZN TV

NOMCEBO NGEMA

SITHOLAKALE sigcwele igazi ekhanda isidumbu sikaMengameli Thamsanqa Nkonyane webandla i-The Christian Catholic Apostolic Holy Spirit Church In Zion, Inyoni Emhlophe eNewcastle, esembiwe namuhla.Lokhu kumbiwa okugunyazwe iNkantolo ePhakeme eMgungundlovu kulandela isicelo so mndeni, kanti Isidumbu sikaMengameli simbiwe ngemuva kwendlu yesonto egatsheni elikhulu Osizweni, eNewcastle. Umndeni wakwaNkonyane uthi awuneme neze ngendlela abefihlwe ngayo uMengameli, nangendlela atholakale eyiyo ayibagculisi njengoba ebegcwele igazi ekhanda.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli uNkonyane wadlula emhlabeni mhla zingama-24 kuNhlaba kulonyaka, ngenjoba kwakulindeleke ukuthi abekwe endlini yakhe yokugcina mhla ziyi-6 kuNhlangulana, Osizweni eNewcastle kodwa lokho akwangabe kusenzeka ngenxa yokutholakala kwezitini zokwakha ebhokisini lomngcwabo esikhundleni somzimba. Umndeni wabe usuvula icala uvulela abangcwabi Icebolethu Group okuyilapho umzimba kaMengameli wawugcinwe khona, waphinda wavulela icala intombi yakhe abehlala nayo eThekwini, uNksz Priscilla.

Isidumbu sikaMengameli sizohanjiswa emakhazeni, kulandelwa imigudu efanele ukuze afihlwe ngesizotha.