Uncategorised

UBHUQU LIZOKHULISA AMATHALENTE EMAKHAYA

ENYE yemidlalo ebidlala ku-Ubhuqu Tournament. ISITHOMBE : KZNDSAC

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula noMnuz Mdlalose oyilunga leSAFA NEC.

ZETHU PHOSWA

KUBANJWE umoya kowamanqamu weKZN Ubhuqu Tournament izokuba kusasa eMtubatuba , njengoba iqembu elizophumelela lizodlulela kuma-SASOL National Playoffs, eVaal Ngwenya kaZibandlela.
Iqembu labesilisa elizonqoba lizothola ithuba lokungena kuLast 32 yeNedbank Cup.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi le midlalo akusiwo nje umqhudelwano, kodwa kungumkhankaso omkhulu wokukhulisa ithalente nokuletha ithemba emphakathini.
Lo mqhudelwano we-KZN Ubhuqu Tournament ubaluleke kakhulu kubo bonke abadlali.
Kowamanqamu iTheku lizotholana nelase Majuba, kanti iKing Cetshwayo ibhekane nelaseMgungundlovu