USHINGA UHAMBELA AMABANDLA AHLUKAHLUKENE

UNGQONGQOSHE uNksz Mbali Shinga ozokhonza namabandla ahlukahlukene kulempelasonto yePhasika. ISITHOMBE: KZNDSD
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga, uchitha iPhasika ngokuvakashele amabandla ahlukahlukene esifundazweni KwaZulu-Natal, ngenhloso yokuqhakambisa igalelo elidlalwa amabandla ekukhuliseni umphakathi.
Ukuvakasha kukaNgqongqoshe uNksz Shinga, kuyingxenye yohlelo lomnyango lokuxoxisana namabandla, njengoba edlala indima enkulu ukweseka imiphakathi ekhahlamezekile, ukuqinisa imindeni, ukulwa nezingqinamba ezibheke umphakathi okuyindlala, udlame lokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane njalo njalo.
“Njengoba ngivakashela amasonto, inkulumo yami igxile kakhulu ekubuyiseni ithemba ikakhulukazi kulabo esebelahle ithemba empilweni, ukuchaza kabanzi ngenzinhlelo uhulumeni anazo ezizokhuthaza umphakathi, zeseke abantu abantu abasha ukuthi bakhule kanye nezivikela abesifazane nezingane,” kuchaza uNgqongqoshe uNksz Shinga.
Nazi izindawo uNgqongqoshe azokhonza kuzona kulempelasonto yePhasika, namhlanje uzoba eseMlokothwa High School, KwaNongoma.
Kusasa ngoMgqibelo uzokhonza ebandleni i-CFCI Church, eMfolozi TVET College, Esikhawini.
NgeSonto mhla kuvuka uJesu uzokhonza e-ECC Church, eThekwini.
