Uncategorised

AMAKHOSI ASEKA IMASHI YAKUSASA

INDLU yabaHoli BoMdabu namaKhoi-SanKwazulu-Natal bathi beseka imashi yakusasa. Esithombeni Inkosi Zulu, Inkosi Gumede neNkosi Bhengu. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE

ONGEZIWE NTONDINI

INDLU YabaHoli BoMdabu namaKhoi-San ithi iyaweseka amamashi azobe ethe chithi saka KwaZulu-Natal kusasa, kodwa yagcizelela ukuthi abantu abazokuba bekulawa mamashi bangaluphehli udlame, bayenze ibe nokuthula.

Lokhu kushiwo amakhosi ngesikhathi ebize isithangami sabezindaba eThekwini namuhla, nathe azogcizelela kulokhu okushiwo ISilo uMisuzulu kaZwelithini, okuthi abangenawo amaphepha okuba kuleli abahambe, kodwa kungachitheki igazi, amamashi abe nokuthula.

INkosi Gumede ewuSekela Sihlalo, ithi abantu bangazithatheli umthetho nesandla kodwa babikeleke amaphoyisa uma kukhona lapho engaboni kahle. “Siyaweseka ngokugcwele amamashi amayelana nokuxoshwa kwabokufika abangenamaphepha abagunyaza ukuba kuleli. Siyacela ukuthi amamashi kube nganokuthula. Ayingoniwa into eqale kahle ngoba impela abakuleli ngokungemthetho abasihambele nathi sibhekane nezinkinga ezisikhungethe esisodwa, “kubeka Inkosi uGumede.

Uthi amakhosi akulungele ukubamba iqhaza ohlelweni lwakusasa, yanxusa uMnyango Wezasekhaya ukuthi usebenzisane namakhosi, ekuqinisekiseni amaphepha abantu bokufika asebethenge umhlaba noma abenze amabhizinisi ezindaweni zasemakhaya.