BAZOBHEKANA NOMTHETHO OTHISHA ABAJEZISA ABAFUNDI NGOKUSHAYA

UMBIKO: AKHONA DLAMINI
UMNYANGO ugxeka lonke uhlobo lodlame noma ukuhlukunyezwa kwabafundi, njengoba ukushaywa kwenduku kwavalwa ngokuphelele ezikoleni zaseNingizimu Afrika.
Lokhu kulandela ukuthi kube nezinsolo zokujeziswa kwabafundi ngokushaywa ezikoleni okubalwa iHlangabeza High School esifundeni ILembe neKwaMgaga High School esiFundeni uMlazi.
Umthetho we –Basic Education Laws Amendment (BELA) osanda kushaywa uqinisa umthetho wokuzibophezela, ekuvikeleni amalungelo nesithunzi sabo bonke abafundi.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka uthi, uthisha noma elinye ilunga elizokwephula lo mthetho lizobhekana nokuqondiswa kwezigwegwe nezomthetho.
“Ukushaywa ngenduku akunandawo ezikoleni zethu. Sizibophezele ekuqinisekiseni uthi zonke izingane zizofunda endaweni ephephile, engebakho ukwesaba nokusatshiswa. Noma yikuphi ukwephulwa kwalo mthetho ngeke kubekezelelwe, futhi labo bazothathelwa izinyathelo ezifanele, ” kusho uNgqongqoshe uHlomuka.
Uthi kuzokwenziwa uphenyo olugcwele ngalezi zinsolo, uma kukhona okuqinisekisiwe, izinyathelo ezidingekayo zokuqondiswa kwezigwegwe zizolandela ngaphandle kokungabaza.
