Uncategorised

KUXOSHWE AMAPHOYISA ANGENISA ABOKUFIKA NGOKUNGEMTHETHO KULELI

ABAKWA-BMA baxoshe inqwaba yamaphoyisa ngamacala okungenisa abokufika ngokungemthetho kuleli. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

KUXOSHWE amaphoyisa akuleli angaphezu kwama-50 , asebenza emingceleni ngamacala okungenisa abokufika ngokungemthetho.

Lokhu kwenziwe abakwa-Border Management Authority (BMA), ngenhloso yokuzama ukulwa nenkohlakalo emingceleni yokungena eNingizimu Afrika.

UDkt Michael Masiapato onguKhomishana wakwa-BMA uthi baqinise uphenyo kulandela ukuthatha kwabo izintambo zokuphatha imingcele njengoba bethole inkohlakalo edlangile ohlelweni.
“Izikhulu eziyi-8 seziqedile ukuqondiswa izigwegwe ebese kuthi ezinye ezingama-38 zisazoqondiswa izigwegwe. Amanye amacala amaningi esiwatholile, athinta izikhulu ezisebenzisana nabanye abasebenza ngabokufika, ukuze kuvunyelwe abantu ukuthi bangene eNingizimu Afrika ngokungemthetho. Baphinde belule isikhathi sokuhlala , ngaphezu kwezinsuku ezingama-90 ezivunyelwe,” kusho uDkt Masiapato.