Uncategorised

INHLESE YOKUNGAZWANI NGO-JACINTA KWI-MARCH AND MARCH

UJACINTA Ngobese-Zuma ongumholi nomsunguli we-March And March.

INKOSI iNgoba Makhosi engenye ephumele obala ku-Facebook yaseka uJacinta. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

ABANYE babalandeli beMarch and March eholwa uJacinta Ngobese-Zuma, bacela uPhakelumthakathi ukuthi angafolosi ekuhlelini amamashi, okunxusa abokufika abakuleli ngokungekho emthethweni, ukuthi bahambe. Bathi baca agxila kwinhlangano yakhe iNsizwa Nobunsizwa Development Foundation, okuyisiphakamiso esenziwe izishoshovu ezeseka inhlangano iMarch And March kaJacinta Ngobese-Zuma.

Lezi zishoshovu zithi uPhakel’mthakathi noNgizwe abaqhubeke bagijimise abokufika abasemafemini, bangadungi lo mkhankaso owaqalwa uJacinta, ngoba noma engeke ekuveze ukukhathazeka kwakhe kodwa akushintshi ukuthi lo mbono uyalimala kancane kancane, njengoba sekukhona a bafisa ukufeza izinhlobo zabo, nokwakhela ngamaqubu kaJacinta .

INkosi iNgoba Makhosi ingabanye abaphumele obala ku-Facebook yacela ukuthi bonke babe ngaphansi kombono kaJacinta, uma kuziwa kudaba lwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho ukuze kugwenywe ukuxabana nokuphambana kwemibono. “Lo muntu unolimi olungeluhle futhi uzicabangela yena kwesinye isikhathi, izinduna eGoli aziyifisi indaba azithathwa nothisi nangu ke eseyimosha okokugcina ngokuvukela iMarch and March yabantu,” kusho iNkosi iNgoba Makhosi.UMlungisi iNkinga kaMancinza we-LACO uthi ngoMsumbuluko libumbene ihora lesi-12:00 emini uzobeka umbono wakhe, ngodaba oluthinta iMarch And March kanye ne-INsizwa Nobunsizwa Development Foundation.

“Ngizokhuluma iqiniso njengoba linjalo ngeke ngivume kudayiswe ngomzabalazo wabantu base-South Africa,” kusho uMlungisi.