Uncategorised

LIGWETSHIWE IPHOYISA EBELENZA UCANSI NENDODANA YALO

LIGWETSHIWE iphoyisa ebelilala nendodana yalo. ISITHOMBE: Facebook

NOMCEBO NGEMA

LIZOBHADLA iminyaka eyi-14 ejele iphoyisa lesifazane elineminyaka engama-42 ubudala, ebelenza ucansi nendodana yalo eneminyaka eyi-12 ubudala manje esina-14, ligwetshwe inkantolo yaseMiddelburg, eMpumalanga.
Leli phoyisa ebelisebenza esiteshini samaphoyisa eGroblersdal, kuthiwa laliyofuna usizo kumelaphi wendabuko (isangoma) ngonyaka ka-2020, ngenhloso yokukhipha imimoya emibi namabhadi ayelmhlasele.
Kuvele ukuthi isangoma sase simyayela ukuthi akalale nengane yakhe yomfana, aqophe nombukiso (video) ngesikhathi enza le mgilingwane , khona imimoya emibi izohamba.
Kwathi uma kuhamba isikhathi ngonyaka ka-2023, isangoma saqala sasebenzisa lamavideo esasiwathunyelelwa yileli phoyisa, safuna izinto, sithembisa ukuthi uma singazitholi sizowasabalalisa lamavideo.
Leli phoyisa lavele labona ukuthi akukho ukujikela emvakwendlu layozinikela emaphoyiseni.