UKHAWULA UTHI AKULIWE NESIHLAVA SE-GBV NGOKUTHI ZIBUYE EMASISWENI

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi udlame lasekhaya lizonqotshwa ngokuthi zibuye emasisweni. ISITHOMBE: ZETHU PHOSWA
ZETHU PHOSWA
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi udlame olubhekiswe kwabesifazane lizonqotshwa ukuthi kubuyelwe ezimpandeni, ngesikhathi kunomcimbi iProvincial Indigenouse Knowledge Summit, eNyuvezi yasoNgoye namuhla.
Uthi nakuba kungalehleka imfundo kodwa izimfundiso ezieumgogodla womuntu omnyaka kufanele kusale, kube yoko okusiphilisayo.
“Ukwanda kodlame lwasekhaya nokuhlukunyezwa kwezingane, kukhombisa ukuthi siphumile esipolweni, sakhohlwa okungumgogodla wethu, sajaha ukunqaka amagwava aluhlaza ezinye izizwe.,” kubeka uNgqongqoshe Khawula. Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini umuntu wesifazane ubehlonishwa futhi ebalulekile njengisho bekuthi nakuba kunempi ubengabulawa umuntu wesifazane.
” lezi zinhlelo zokuqhakambisa ubuthina okubalwa ukubaluleka kolimi, okuyilo eluqukethe inhlonipho, ukwazisa omunye umuntu njengoba umuntu engumuntu ngabantu. Nami ngizocela embeleni egwansile nenithe ngolimi ngokubaluleka kokulondolozwa ulimi,” esho.
Ugcizelele ukuthi kungumsebenzi wawo wonke umuntu, ukuthi ulimi lesizwe nokungamagugu also kungashabalali .
