IDUNDEE July IKLAMA INDIMA EKUTHUTHUKISENI UMNOTHO WENDAWO

IMEYA uCllr Mcebo Mkhize ichaza ngomthelela omuhle kwezomnotho owenziwa iDundee July.

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ekanye nonobuhle abakhangisa ngemisiko ehlukene, amahhashi adla umhlanganiso ngonyaka odlule kwi-Dundee July. IZITHOMBE: S’PHUMELELE MSOMI
NOMCEBO NGEMA
KUNEMIZI eyi-12 esiphenduke izindawo zokulala (BnB’s) endaweni yaseSibongile, naseSithembile eDundee ehlomulayo uma kunomjaho wamahhashi iDundee July oba minyaka yonke. Lokhu kuvezwe iMeya kaMasipala waseNdumeni uCllr Mcebo Mkhize namuhla, kwisithangami sabezindaba njengoba uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula ebethula izinhlelo zakulonyaka zalo mjaho, emahhovisi kaMasipala waseNdumeni, eDundee.
IMeya ithi kulonyaka lo mjaho ugubha iminyaka engama-21 wabakhona. “Lo mjaho usuphenduke umcimbi omkhulu futhi oheha inqwaba yabantu. Lo mjaho ufukula kakhulu umnotho wakulendawo okubalwa izitolo, izindawo zokulala, ezokuthutha, abadayisi basemgwaqeni njalo njalo. Ngendlela lo mjaho owuthuthukisa ngakhona umnotho wakithi, iyamangaza ngoba sekunanemizi engama-12 esiphenduke izindawo zokulala eSibongile, naseSithembile kanye nezinye izindawo ezakhele eNdumeni Horse Track. Iyi-12 okwamanje imizi eqinisekisiwe futhi eminye yawo inamagumbi angama-44 okulala futhi zibhalisiwe kwi-AirBnB ukuze zitholakale kwi-internet. Siphinde sibalekelele njengoMasipala ukuthi sibaxhumanise nezinhlaka ezifanele ukuze bakwazi ukutholakala kalula. Sibalekelele ukuthi bathole uqeqesho ukuthi izivakashi ziphathwa kanjani (Hospitality) kanjalo nakwi-Marketing njengoba ihhovisi lethu lakwa-LED kuyilona elenza konke lokhu,” kusho iMeya uMkhize.
Uqhube wathi kuyamjabulisa ukuthi kuzoba mnandi “Lit” kakhulu eDundee kusukela ngesonto elizayo njengoba kuzoba kuyisonto le Dundee July. Uthi kulonyaka izinga linyuke kakhulu njengoba isteki siwu-R2.5 million, esizohlonyulwa amahhashi.
“Alikho ihhashi elizobuyela ekhaya lilambatha njengoba imijaho eyi-12 kodwa wonke azohlomula okuthile. Ngokwezibalo ezenziwe iMoses Kotane Institute ingu-R96.6 million imali eyenziwa ilo mjaho lapha eNdumeni. Sijabula kakhulu futhi angeke siyeke ukulekelela abantu bakithi eNdumeni. Akugcine thina kuphela ukuhlomula kodwa nomasipala esakhelene nabo okubalwa iZululand, AbaQulusi, Amajuba District, uThukela District nabo bayahlomula,” kuphetha iMeya uMkhize.
