Uncategorised

UJACINTA UCHOME UPHAPHE LWEGWALAGWALA UNTULI

UJACINTA Ngobese-Zuma ushayela ihlombe uNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokulalela ebese eyenza okusuke kucelwa umphakathi.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli onconywa ngokusukumela phezulu izikhalo zomphakathi. IZITHOMBE: GCINA NDWALANE

NOMCEBO NGEMA

UMHOLI nomsunguli we-March And March uJacinta Ngobese-Zuma, uchome uphaphe lwegwalagwala uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokulalela izikhalo zomphakathi futhi angagcini ngokulalela ebese eyenza.

Ukhulume kanje ngoLwesihlanu ngesikhathi kunomhlangano wezinhlaka ezihlukahlukene, wokubhunga kabanzi ngamasu okuqeda ubugebengu KwaZulu-Natal, lo mhlangano ubuse-Archie Gumede Conference Center, eMayville eThekwini.

UJacinta uthi kuyamjabulisa kakhulu, ukuthi uNdunankulu uzolubuka udaba lwamasosha ukuthi angenelele akhuculule ePhoyinti.
“Lesi isiqalo esihle esithathwe isigungu esilwa nobugebengu KwaZulu-Natal, nathi siyingxenye yaso nathi. Siyizwile imibono ehlukahlukene kodwa inkinga yethu enkulu udaba lwabantu bokufika kuleli, abangenawo amaphepha nezinto ezingalungile abazenzayo emphakathini. Kuyangijabulisa ukuthi uNdunankulu uzolubheka udaba lokufaka amasosha ezindaweni eziyisidleke zobugebengu nezidakamizwa. Ngiyabonga kakhulu kuNdunankulu ngokungenelela kwakhe ngoba lolu daba kufanele lugcine lumenyezelwa njengenhlekelele yesifundazwe,” kusho uJacinta.

Uqhube wathi kubuyisa ithemba ukuthi kunobuholi obukwazi ukubhekana ngqo nalolu daba KwaZulu-Natal. “Kuyajabulisa ukuba noNdunankulu KwaZulu-Natal olalelayo ukuthi abantu bafunani ebese engagcini ngokulalela enze, siyabonga kakhulu kuNdunankulu ngokuthatha leli gxathu. Okubaluleke kakhulu ukuthi uma usuhlangene nabantu uyabalalela yini, nokuthi yini oyenzayo ngemva kwalokho, siyabonga kakhulu kubuholi besifundazwe siphinde sinxusa umphakathi ukuthi ungayeki ukufaka umfutho kubaholi nakuhulumeni, ukuthi benze lokhu abakufunayo ngoba ekugcineni lelizwe elabo futhi ibona okufanele balihlenge,” kuphetha uJacinta.