Uncategorised

UBHEKWE NGABOMVU UMDLALO WE-PFL AFRIKA WABAKULELI.

U-ASIASHU Tshitamba usekulungele ukubhekana noShanon Van Tonder kowe-PFL Africa.
ISITHOMBE: Sabc Sport

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMDLALI esisindweni se-bantamweight kwiProfessional Fighters League (PFL) Africa, u-Asiashu Tshitamba, uthi amalungiselelo akhe ahamba kahle ngaphambi kwempi yakhe ebhekwe ngabomvu nomunye waseNingizimu Afrika, uShanon van Tonder, ezoba mhla ziyi-10 kuMbasa.
Ekhuluma nabezindaba, uTshitamba uveze ukuthi indawo yokulwa iSunBet Arena inenzuzo enkulu kuye njengoba esebenza eduze kakhulu kwayo futhi lokhu kumnika ithuba lokwesekwa ngabantu abasondelene naye okubalwa umndeni, abangani kanye nozakwabo emsebenzini, okuyinto emnika umfutho owengeziwe.
Le mpi ibhekwe ngabomvu lapho uTshitamba efuna ukuzibonakalisa ngamandla ngokushaya ngezandla nangezinyawo kulo mdlalo weMixed Martial Arts (MMA), kanti uvan Tonder waziwa kakhulu ngokulwa phansi (grappling). Nokho, uTshitamba uthe akakhathazekile ngalokho, wathi balindele ukuthi imbangi yakhe izame ukumwisa phansi kodwa uzilungiselele ukubhekana naso sonke isimo.
Uphinde wagcizelela ukuthi uma uVan Tonder ekhetha ukulwa emi ngezinyawo, bazokwamukela lokho, kanti uma efuna ukuyisa impi phansi, nabo bakulungele ukubhekana nalokho.
Yize kunokuhloniphana phakathi kwala balwi. UTshitamba uthe le mpi ibalulekile kuye njengoba efuna ukubuyela endleleni yokunqoba nokukhuphuka ezingeni eliphezulu ku-MMA yase-Afrika. Uveze nokuthi akekho ku-PFL ngephutha futhi ukholwa wukuthi abahleli babone ikhono elithile kuye futhi uzimisele ukufinyelela ezinhlosweni azibekele zona.
Inhlangano yeProfessional Fighters League (PFL) izobuya kuleli sonto eSunBet Arena eTime Square lapho kuzoqalwa khona isizini yesibili yePFL Africa, nakuba lomcimbi ugcwele izimpi zamazwe ngamazwe, kodwa impi phakathi kukaTshitamba (6-5) no-van Tonder (7-3) iyona kuphela ezobhekana nabadlali baseNingizimu Afrika bodwa ngalobo busuku.