OWE-NEHAWU UCHOMA UPHAPHE LWEGWALAGWALA USHINGA

USIYANDA Zungu onguSihlalo we-NEHAWU nezinye izinyunyana ezimele abasebenzi.

UNGQONGQOSHE uNksz Mbali Shinga ochonywe uphaphe lwegwalagwala owe-NEHAWU. IZITHOMBE: KZNDSD
NOMCEBO NGEMA
USIHLALO we-National Education Health and Allied Worker’s Union (NEHAWU) KwaZulu-Natal, uSiyanda Zungu uchoma uphaphe lwegwalagwala uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga, ngokuqasha abantu abayi-139 kwizikhundla ezihlukene, izolo eGarden Court eThekwini.
UZungu uthi lokhu kusho ukuthi neminye iminyango kahulumeni ingakwenza lokhu uma uNgqongqoshe uNksz Shinga ekwenzile. “Inhle kakhulu into eyenziwe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ukuqasha abantu abaningi kangaka, lokhu kwenzeke kahle ngesikhathi lapho kunyuka izinga lezidakamizwa emiphakathini, ngoba laba abafuna ukuphuma kuwona bazobadinga labosonhlalakahke ezindaweni. Lokhu okwenziwe uMnyango kuzobuyisa ithemba nakulaba abangakaqashwa ukuthi nabo kuzolunga kubona. Ukuba uNgqongqoshe uba uyena isikhathi esikaliwe kodwa laba basebenzi angeke bakhohlwe ukuthi kwake kwaba khona uNgqongqoshe uShinga, abaqashwa ngehlandla lakhe. Ngiyabonga kakhulu Ngqongqoshe Shinga ukuthi kube khona imizamo oyenzayo ngehlandla lakho ekubeni abanye bengazami lutho besonge izandla,” kusho uSiyanda.
Uqhube wathi lokhu okwenziwe ilo Mnyango kuzokhuthaza nabanye abantu abasha abangakaqashwa ukuthi nabo babe nethemba lokuthi kusangalunga empilweni. Ube esebongela bonke abaqashwe uMnyango ukuthi basebenzele imiphakathi abaziyo izingqinamba ebhekene nazo. “Njengoba niqashwe ngokugcwele joyinani izinhlangano ezimele abasebenzi ukuze nikwazi ukushintsha indlela okwenziwa ngayo. Ngiyaye ngithi uma ngihlangene nabanye kube khona abazivezayo ukuthi bona bawukuthi nokuthi, ngiyaye ngithi cha musani ukuchaza kodwa yenzani,” kuphetha uZungu.
