USONKONDLO UTHI AMANTOMBAZANE AWABE NOMQOLO

SNESH Da Poet ogama lakhe uSnethemba Mhlongo ongusonkondlo emahhovisi o-Umusa Media. ISITHOMBE: PHUMELELE DLAMINI
NOMCEBO NGEMA
US’NETHEMBA Mhlongo odume ngelika-Snesh Da Poet, ongusonkondlo ukhuthaza abantu abasha ikakhulukazi amantombazanyana asakhula ukuthi azazi ukuthi angobani, asukaphi futhi abhekephi.
Usho lokhu namuhla ngesikhathi enengxoxo ekhethekile no-Umusa Media, emahhovisi abo eThekwini.
US’nethemba ozalelwe Obuka eMpangeni uthi uqale ukubhala izinkondlo enza ibanga lesi-6 (Grade 8) futhi wayengazi ukuthi ubhala inkondlo, ngoba wayebhala uma engaphathekile kahle emoyeni noma ejabule. “Ngiqale ukuphefoma ngikwa-Grade 10, ngiphefomela abafundi engangifunda nabo. Kusukela lapho angibange ngisazibeka phansi ngoba kunomunye ubhuti owethula i-albhamu yakhe kamaskandi ngasekhaya wangimema ukuthi ngizohaya inkondlo. Lapho ngangiqala ukuma phambi kwabantu abaningi, kodwa ngezwa ngabantu bengincoma ngase ngiyabona ukuthi kanti akukho nzima kangako, ngingayenza lento,” kusho uSnesh.
Uqhube wathi ngonyaka odlule ubethwesa iziqu eDurban University Of Technology (DUT), njengoba manje enza i- internship yakhe e-University Of KwaZulu-Natal, kwaCreative Arts, kwaFinance.
Uthi zonke izinkondlo zakhe zimnandi kodwa emhlaba kakhulu umxhwele esihloko sithi Ngiyimbewu.
“Le nkondlo ingowesilisa owakhuleliswa owesifazane, wamlahla wangaba khona empilweni yengane yakhe yentombazane. Lokhu okwenza ingane yentombazane uma isikhulule ihambe ifuna uthando lukababa kubona bonke abantu besilisa ehlangana nabo kodwa badlale ngayo bayilahle,” kusho inkondlo kaSnesh.
Uveze nokuthi akagcini ngokuba usonkondlo , ubuye abe nibhizinisi lokudayisa izimpahla zokugqoka.
“Kubona bonke abantu abasha ikakhulukazi amantombazanyana ngithi mabazazi ukuthi bangobani, basukaphi futhi bazokwenzani lapha abakhona. Uma beyazi imvelaphi yabo angeke kube lula ukuthi bakhohliswe ubukhazikhazi besikhashana ababuthola emadolobheni amakhulu, ” kubeka uSnesh Da Poet .
Uthi ukuqashwa ukugcine ngoNdasa kulonyaka e-East London, Kuziveze Mbongi e-Eastern Cape.
Uma ufisa ukumqasha ungashayela ku-081 8560 663.
