Uncategorised

KUTHOLAKE IZIBHAMU NEZIDAKAMIZWA KWABAHLALA EMGWAQENI ETHEKWINI

AMAPHOYISA agasele emgwaqeni uChe Guevara, eThekwini.

ITENDE elikuwo lo mgwaqo. IZITHOMBE: METRO POLICE

NOMCEBO NGEMA

KUTHOLAKALE izibhamu ezingekho emthethweni nezidakamizwa, ngesikhathi kugasela amaphoyisa kungazelele muntu emgwaqeni uChe Guevara, ohlala abantu abangenamakhaya (amaphara), edolobheni eThekwini.
Lokhu kwenzeke namuhla, ngesikhathi amaphoyisa kaMasipala weTheku ngaphansi koPhiko lwe-Special Operations Directorate, loKlebe, aboPhiko lwe-DPCI abaqhamuka ePort Shepstone namaphoyisa alwa nobugebengu emphakathini (Crime Intelligence Counter Narcotics) begasela ngenhloso yokuqeda ubugebengu.

Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso, amaphoyisa azithele phezu kwezidakamizwa ezinamandla, izibhamu ezingekho emthethweni nempahla entshontshiwe.
Le ndawo ibisiphenduke isidleke esiyingozi kakhulu, kubashayeli bezimoto nabahamba ngezinyawo ngenxa yokuhlaselwa njalo ngenhloso yokuphucwa izinto abaziphethe.

Abezimo eziphuthumayo nabo babizelwe endaweni yesigameko kulandela ukungqongqiswa ngomlilo kwelinye lamatende.