ZIQINILE EZOKUPHEPHA KWI-DUNDEE JULY

IMEYA kaMasipala waseNdumeni uCllr Mcebo Mkhize iqinisekisa ezokuphepha kusasa.

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula, iMeya uCllr Mcebo Mkhize, uT’zozo ngesikhathi somviliyelo namuhla. IZITHOMBE: ENDUMENI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
ZIQINILE ezokuphepha kumtelebhelo wamahhashi oba minyaka yonke iDundee July, esineminyaka engama-21 kulonyaka, yasungulwa. Lokhu kuqinisekiswe iMeya kaMasipala waseNdumeni uCllr Mcebo Mkhize, ngesikhathi njengoba bekunomviliyelo. Le ndumezulu yenzeka okokuqala ngqa, ngosuku lokuzalwa kwaloyo owaba nguMengameli wakuleli, uMnuz Nelson Mandela. “Konke kumi ngomumo ngalo mtelebhelo. Sikulungele ukusingatha lo mcimbi omkhulu oba minyaka yonke, oheha abantu bakuleli, abaseLesetho, abaseSwaziland nakwezinye izindawo. Sifisa ukuqinisekisa ukuthi ezokuphepha ziqinile, nengqalasizinda isezingeni. Wonke umuntu akazizwe esekhaya ngiyanemukela ngezandla ezifudumele,” kusho iMeya uMkhize.
