Uncategorised

ACTIONSA NOHLELO LOKUMPIMPA ABOKUFIKA ABAHLELI EZINDLINI ZOMXHASO

UZANDILE Dabula osungule uhlelo lokumpimpa abokufika ngokungemthetho kuleli, abagweve ezindlini zomxhaso. ISITHOMBE: ZANDILE DABULA

NOMCEBO NGEMA

IQEMBU lezepolitiki i-ActionSA lethule ngokusemthethweni inkundla ku-internet, lapho izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zizompimpa khona abantu bokufika abahlala ezindlini zomxhaso kahulumeni (RDP Houses) ngokungemthetho. Lokhu kushiwo uZandile Dabula ogaqele isikhundla sokuba iMember of the Mayoral Committee (MMC) kuMnyango weziNdlu nokuHlaliswa kwaBantu, eGoli.

UZandile uthi lolu hlelo luhlose ukusiza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezisale ngaphandle kwizinhlelo zezindlu zomphakathi, ngenxa yabantu abahlala kuzona ngokungemthetho. “Ngicela amalunga omphakathi ukuthi ayisebenzise le nkundla ukubika izinsolo ezithinta izindlu zama-RDP, ukuze kuphenywe ngawo futhi kuthathwe izinyathelo ezifanele,” kusho uZandile.