Uncategorised

UMSIKI WENGQEPHU UNCOMA UKHAWULA NGOKUBANIKA ITHUBA

UDIMAKATSO Motloung ongumsiki wenqephu, noNothile Sithole egqoke umsiko kaDimakatso. ISITHOMBE: S’PHUMELELE MSOMI

NOMCEBO NGEMA

UMSIKI wenqephu osafufusa waseSteadville, eMnambithi ubonge uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, ngokubanika ithuba eliyingqayizivele, lokukhangisa ngenqephu yabo emcimbini oba minyaka yonke iDundee July. UDimakatso Motloung ongumnikazi weDumolwakhe Fashion Academy, usho lokhu izolo, ngesikhathi ekhangisa ngenqephu yakhe okokuqala ngqa kwi-Dundee July, eNdumeni Horseracing Track.

UDimakatso uthe uqale ngonyaka ka-2024 ukuba umsiki wenqephu, kodwa kulonyaka uyaqala ukuba kulomjaho wamahhashi. “Konke ebengikulindele kulo mcimbi kwenzeke ngendlela ebengilindele ngayo, ngizobuya nangonyaka ozayo. Ngibonile ukuthi la ngaphandle kunabantu abakwazi ukucabanga into ejulile, iphume ibe into enhle kakhulu. Lokhu engikubone namuhla kungenze ngaba nomfutho futhi ngakhuthazeka. Ngibone ubuciko obuhle. Kungithathe isonto elilodwa ukwenza le ngubo egqokwe uNothile Sithole. Le Ngubo iyingxubevange yamasiko ahlukahlukene okubalwa abeSuthu, amaZulu, amaVenda namaTsonga, konke uyakuthola kulenqephu. Ngonyaka ozayo ngiyabuya futhi nenqephu esezingeni ELICOKEME,” kubeka uDimakatso.

Uthe uthando lokuba umsiki lwengqephu, waqala ngesikhathiemodela ngonyaka ka-2024, Odumolwakhe Academy. Uthe nokusebenza emafemini njengomthungi nakho kwamnika ugqozu. Ube esebonga uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, ngokubanika leli thuba kulomjaho. “Ngiyabonga kuNgqongqoshe uMnuz uKhawula ngokusipha leli thuba lokuthi sikhombise abantu ngomsebenzi wezandla zethu. Kunezingane ezisakhula ezizofunda kithina ngoba njengoba silapha kwi-Dundee July, maningi amathuba okuthi sigcine sikhangisa ngemisiko yethu kwiDurban July,