KUZOBE KUBOSHELWE KOKA-BABES WODUMO E-CHESTERVILLE

UBABES Wodumo , uzokwenza adume ngakho ezmnwobi’s View eChwesterville egubha usuku lwakhe lokuzalwa.

KUZOBE kuboshelwe emcimbini wokugubha usuku lukaBabes Wodumo. IZTHOMBE: ZITHUNYELWE
SANDILE MAKHOBA
UZOGUBHA usuku lwakhe lokuzalwa nabalandeli bakhe uBongekile Simelane “Babes Wodumo “. Mhla ziyi-28 kuNdasa, eMnqobi’s View, ngase Chestervile eThekwini.
UBabes Wodumo uzokuba ehlanganisa iminyaka engama-31,nathi ubone kukuhle ayigubhe abalandeli bakhe, ukuxobabonga.
Uthi lokhu ukubona njengesibusiso ukuhlanganisa le minyaka esasemgangathweni . “Ngangena kule ndima ngimncane kakhulu, izinto eziningi ngizifunde ngendlela, kodwa abantu abakaze bangilahle ingakho ngizobabusisa ngosuku lwami lokuzalwa,” kusho uBabes Wodumo.
Kulo mcimbi kuzokuba kuboshelwe njengoba ezophelezelwa ozakwabo okubalwa u-DJ Tira, uDladla Mshunqisi, uSizwe Mdlalose, uMadanon , iBlaq Diamond nabanye abaningi.
Ukungena kulo mcimbi
u-R50, kuthi izicukuthwane kube u-R100.
