USHAYA IBUYA OWE-SHUT UP MEN ARE TALKING

U-WISEMAN Mncube
NOMCEBO NGEMA
SIZWAKELE isikhalo sabathandi bezobumnandi, njengoba i Shut Up Men Are Talking ikhuza ibuya, iphinde iboniswe ekhasini lika YouTube ka Chris Q. Radebe. Lombhali ukhombise ukupheka ibhodwe elehlukile ngonyaka odlule, ngesikhathi eqondisa lomdlalo onabalingisi abaseqophelweni eliphezulu, njengoWiseman Mncube, Thulani Mtsweni noJo-Anne Reyneke. Lokhu kwakuyigxathu elehlukile njgengoba imidlalo yaloluhlobo iqala ebhayisikobho noma kumabonakude.
Ababuka lomdlalo abawuvali umlomo ngendlela ovusa izinseka nohlevane ngayo, njengoba uveza ukucindezelwa kwabesifazane. UJo-Anne udlala indawo yomfelokazi ozimele kepha obhekana nezingqinamba zokuba owesimame emakhaya ngaphansi kwemthetho ovuna abesilisa.
URadebe uthi lomdlalo wavezwa njengeziqeshana nakuba wona ubhalwe uyifilimu ephelele. Kwajabha abaningi ngonyaka odlule lapho uphela usekuvuthondaba. Ngalesosikhathi uRadebe wagqamisa ukuthi bebesabhekene nezingqinama zezivumelwano nezemithetho, njengoba omunye womculo ababewusebenzisile babengaqedile izivumelwano nabaniniwo.
Wenza ibuya nje lomdlalo nje ubukade uhlelelwe ukuthi udlale ngeSonto kuphela.
“Yonke into owake wayibona kwiShut Up Men Are Talking, uzophinde uyibone njengoba nakuba yadlala iyiziqeshana, yayibhalwe njengefilimu kepha iziqeshana zazinezikhala, ngakho umbukeli angalindela ukuthi iveze nesiphetho,” kusho uChris Q. ngeSonto udlale uphelele ungasezona iziqeshana, kepha abalandeli abaningi bakhale ngokuthi inyamalale kulelikhasi bengayibonanga. Uthembise ukuthi lefilimu isesemnandi, isakhalisa futhi isakhathaza ikhalise njengeziqephu ezakhonjiswa.
“Niyayishaya i-emotional blackmail nina. Ngibone zonke izincomo nezikhalo ekhasini lami, futhi kungiphathe kabi ukuthi abaningi abakwazanga ukuyibona. Okwamanje angikwazi ukuyigcina kuYouTube kepha izodlala kanye futhi. Ngenxa yothando engilutholile lomdlalo uzophinde udlale ngeoLwesithathu ngo-8 ebusuku, bese eyawususa emva kwamahora amabili.”
Uthi uyazi ukuthi kuzoba ngathi ubophela ababukeli ogodweni ngalesisenzo kepha okwamanje akakakwazi ukuwugcina kulelikhasi.
uChris Q Radebe ungumbhali wemidlalo okubalwa kuyo The River, Abomama neminye, aphinde abe umlingisi owazakhela igama lakhe enguDabula kwi-Isibaya
