Uncategorised

UMASTER RAW SA UKHIPHE INONI ELISHA

UMASTER RAW SA umemezele ukukhishwa kwe-EP yakhe entsha iVisionary Man. ISITHOMBE : SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

UMCULI wehip-hop odabuka KwaZulu-Natal, uMaster Raw SA (M.R) umemezele ukukhishwa kwe-EP yakhe entsha enezingoma eziyi-12, ebizwa ngokuthi iVisionary Man. Uthi lo msebenzi unengoma okuyiyo evelele ethi ‘Trenches’, echaza uhambo lwakhe empilweni, ukuzimisela nokunqoba izinselelo, ukuze afeze amaphupho akhe.

UMaster Raw SA uthe ugqugquzelwe abaculi bakwamanye amazwe okubalwa u-50 Cent, Pharrell Williams nezihlabani zaseNingizimu Afrika ezifana no-K.O. “Baningi abaculi bakwamanye amazwe abangigqugquzelile ukuze ngifike kuleli zinga. Kodwa nakuba kunjalo umculo wami we-hip hop unesigqi salapha eNingizimu Afrika. Le EP ihlanganisa isigqi sehip hop, Rap neSA Street Rap. Ngiyethemba ukuthi lo mculo uzogqugquzela abantu ukuthi bangaliphonsi ithawula, ukwazi ukudlulisa umyalezo kubafana abasakhula,” kusho uMaster Raw SA.

Uqhube wathi ingoma iVisionary Man, iveza olunye uhlangothi lomculi, ikhombisa ikhono, ekuxoxeni uhambo lwakhe ngokomculo. “ITrenches ingenye yezingoma ezikule-EP, ikhuthaza abantu ukuthi baqhubeke nokusebenza kanzima noma kunezinselelo nobunzima. Iveza umlando wami, izinselelo engidlule kuzo nokubuya endimeni yomculo,” kusho uMaster Raw.