UMPHAKATHI WASE-PHOYINTI NOKULWISANA NE-GBV NEZIDAKAMIZWA


KONKE kuhambe kahle ngomcimbi wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane
ANELE ZUMA
INHLANGANO yeCommunity Police Forum (CPF) yaseSouth Beach eThekwini, ngokubambisana noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi nenhlangano iDrug Free World, ihlele umcimbi emcimbini wokulwa nodlame lobulili (GBV) kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa, ePhoyinti eThekwini
Oyikhansela laku Ward 26, uMnuz Sbusiso Lushaba, uthe indawo yasePoint isibhekene nezinkinga ezining, ikakhulukazi kwintsha efika izofunda noma ukuzosebenza edolobheni.
“Abantu abaningi abafika lapha bagcina sebengabantu abadlwenguliwe noma abangena ezidakamizweni. Sifuna ukuguqula le ndawo ngokubambisama,” kusho uLushaba.
Uphinde waphakamisa ukuthi kube nemithandazo njalo ngeSonto ukuze kuhlangane umphakathi futhi kukhuliswe inhlonipho nokuthula.
IPhini likaSihlalo weCPF, uMnuz Karl Van de Merwe, uthe lo mzabalazo awukwazi ukubekwa emahlombe ezomthetho kuphela.
“Sinxusa nalabo abathintekayo bexhumane nathi , nomphakathi ube indawo ephephile nongathola kuyo usizo musenkingeni, ”esho.
Umcimbi ubuphelezelwa imidlalo, umculo, nemiklomelo eyethulwe yi-Spelete Wear, okuhlanganisa izicathulo nezikibha ukujabulisa izethameli.
